AKLONYELISIWE, AKHUSHULELWA EZIKHUNDLENI AMAPHOYISA ENZA KAHLE OTHUKELA


UKhomishana Wamaphoyisa Wesifunda sasoThukela uMajor General T.E. Gonya wenze umcimbi wokuklomelisa nokuhlonipha amaphoyisa angu-15 ezikhushulelwe ezikhundleni ezahlukene.

OSayitsheni abayisikhombisa bakhushulelwe esikhundleni sokuba o-Warrant Officers, o-Warrant Officer abane banyuselwa ekubeni oKaputeni, oKaputeni abathathu banyuselwa ekubeni oLieutenant Colonel, uLieutenant Colonel oyedwa wakhushulelwa esikhundleni sikaColonel.

UColonel A.H. Ramlagan ukhushulelwe esikhundleni sokuba nguLieutenant Colonel waqokwa njengoMkhuzi wamaphoyisa eMnambithi SAPS. Ezinye izikhulu eziningi zithathe izikhundla ezintsha zobuholi kuzo zonke iziteshi okubalwa kuzo iWembezi, Ladysmith STES, PMB STES, Ntabamhlope, Upper Tugela, Colenso, Ntuzuma kanye Osizweni.

UMajor General Gonya ukhuthaze amalungu akhushuliwe ukuthi amukele izibopho zawo ezintsha ngokwethembeka, ngobuqotho nangokuzithoba, ewanxusa ukuthi aqhubeke nokuthuthukisa amakhono awo futhi abe yisibonelo.

Uhalalisele zonke izikhulu ngempumelelo yazo futhi uzifisela impumelelo emsebenzini wazo omusha.


Uthukela Times All Rights Reserved