BASIKAZE ISITELEKA ABASEBENZI BASOTHUKELA AMAHOLO ENGENA IZIKHAWU


Basikaze ukungenela isiteleka abasebenzi bakwaMaspala Uthukela emva kokuthi izimali zemiholo yabo yenyanga kaFebruary ingenile kwabanye kanti kwabanye ingakangeni. Bathuthelane emasangweni aloMaspala banqaba nokungena emahhovisi befuna incazelo kuMenenja kaMaspala mayelana nokungani kwamaholo kwabanye abasebenzi.

UMaspala uthi ubazisile abasebenzi izolo ukuthi imiholo yabo izongena ngendlela engajwayelekile ngenxa yokuthi basebenzisa ibhange elehlukile.

Kuzokhumbuleka ukuthi loMaspala usabhekene nenkinga yokuvalwa kwama-Account awo ngenxa yokucwila ezikweletini.

Abanye abasebenzi abakhulume naleliphephandaba bathi eyabo isingenile kanti abanye bathi balale bengalele belokhu bethi, “Mali uyangena, mali uyangena!,” dololo!

Ngesikhathi sokushicilela, iNyunyana yabasebenzi baloMaspala i-IMATU ibibambe inguyazana ezindlini zalomaspala mayelana nalo udaba lwamaholo.


Uthukela Times All Rights Reserved