Kuhlokome ihholo lomphakathi uBhekuzulu Community Hall namhlanje ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni usonkontilela ozokwakha iThulubheke Road Project ngaphansi kukaWard 6.
Umhlangano obubizwe uMaspala iNkosi Langalibalele ububanjwe namuhla, kuhlangene umphakathi wakwaWard 6 ngaphansi kobuholi bukaKhansela B. Mshengu. Inkampani iTSW Construction iyona ehlonzwe njengozophatha lo msebenzi wokwakha imigwaqo.
Lo msebenzi uzohlanganisa ibanga elingu-8.8km, kanti kulindeleke ukuthi uqale maduze futhi uqhubeke izinyanga eziyisishiyagalombili.
Kuzovuleka amathuba omsebenzi kubantu bendawo ababalelwa ku-12.
Imigwaqo ezosetshenzwa ihlanganisa iThulubheke Road, Lomoda eFrance, Lomoda eZibomvini, New Khenani ngasePrimary, Bhekuzulu ngaseBhekuzulu Primary, Emaqeza, Endongeni kanye naseduze neBhekuzulu Hall.
UMkhandlu uthi lezi ngezinye zezinhlelo eziqhulwini zokuletha intuthuko emphakathini waseNkosi Langalibalele.

