KULIMALE IZINGANE EZINTATHU ENGOZINI YEMOTO EMBULWANE


Kube nokuphazamiseka kokufunda eMbulwane Primary School ekuseni namhlanje ngemuva kokuthi abantwana abebelibangise kulesi sikole bebansdakanyeke engozini yemoto.

Kubikwa ukuthi lezi zingane ezintathu zishayiswe yimoto yomunye wothisha esangweni lalesi sikole ngesikhathi efika esikoleni.

Abantwana baphuthunyiswe esibhedlela lapho bethola khona ukwelashwa.


Uthukela Times All Rights Reserved