UMasipala Wesifunda sase-UThukela uqinisekise ukuthi i-akhawunti yawo yasebhange ivaliwe ngemuva kwezinyathelo zomthetho ezithathwe yi-RASP Consultants CC.
Ngokwesitatimende esikhishwe, sithi uMaspala awukaze ufihle ngalolu daba selokhu lwavela. Uthi iminyango yesifundazwe efanele, okuhlanganisa noMnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko (COGTA) kanye noMgcinimafa Wesifundazwe, yaziswa ngokusemthethweni.
Isitatimende siqhuba sithi ngisho umhlangano wekomidi eliphezulu elikhethekile i-EXCO kanye nomhlangano womkhandlu okhethekile wabanjwa ngoLwesibili, mhla ziyi-17 kuNhlolanja 2026, ukuze kuxoxwe ngokusemthethweni ngoMkhandlu ngentuthuko futhi kuchazwe izinyathelo ezisetshenziswayo. Yiwona lomhlangano esike sabika ngawo lapho amanye amakhansela amaqembu aphikisayo athi iMeya namakhansela e-IFP aphuma isinyelela abashiya emhlanganweni ungaphelile.
UMasipala uthi usulibhekisa enkantolo loludaba ukuze ufake isicelo sokumisa ukuvalwa kwe-Account yawo.
Umaspala ube usucela ukuthi awehle amaphaphu ngoba loludaba luyalungiswa.

