IMeya yaseLangalibalele, uMhlonishwa Mduduzi Myeza, ivakashele izikole ezintathu namuhla ngaphansi kohlelo lweMayoral Back to School Campaign, iqala eSizathina High School eMandabeni.
Lapha, abafundi bamukele uMeya ngenjabulo enkulu njengoba isikole sithole u-93.5% pass rate kuClass ka-2025. IMeya income ukuzimisela kwabafundi, othisha, amalunga eSGB kanye nabazali, yathi inethemba lokuthi iClass ka-2026 izofinyelela ku-100%.
Uhambo luqhubekele ePhuthini Secondary School kuWard 3 ngaphansi kukaKhansela uKubheka. Lesi sikole sithole u-45% ngo-2025, kodwa othisha nabazali bathembise ukuphinda kabili imiphumela kulo nyaka.
Usuku luvalwe eBonokuhle High School kwesikaThishanhloko uMkhize, lapho kutholwe khona u-62% ngo-2025. IMeya ikhuthaze abafundi ukuthi basukume basebenze njengoba ikusasa lezwe lisezandleni zabo.

