Namhlanje, iMeya yoMasipala iLangalibalele, Mduduzi Myeza, ibambe imbizo yokuqala eWembezi Community Hall, ehlanganise umphakathi wakwa-Central Cluster, ngenhloso yokubhekana nodaba lwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Izinkinga ezigqanyisiwe kulo mhlangano kube ukudayiswa kwezidakamizwa, ukwebiwa kwama-cable kanye nokushoda kwemisebenzi kubantu bendawo. UKhomishana Wesifunda wamaPhoyisa, uMnu. Gonya, uthe amaphoyisa, ngokubambisana noMnyango wakwa-Home Affairs, azoqala ukugasela izindawo ezisolwayo kungazelele muntu. Uthe umphakathi akumele uzibandakanye ekuziphatheni okungahlelelekile.
Imbizo elandelayo izobanjelwa kusasa eMabhalonini Community Hall, kuWard 23.

