Usadidekile namanje umndeni wakwaMavundla owakhe epulazini uDe Ruste elise Winterton eBergville,unqatshelwa ukufihla ilungu layo elidlule emhlabeni.
Okhulumela umndeni uMnu Mndeni Mavudla uthi ngesento eliphelile ngolwesine kwashona umfowabo uSakhile Mavundla obesehlala eGoli ngokusabenza kodwa ozalelwe khona eplazini iDu Ruste,njwayelo kuyabikwa kumnikazi weplazi nebala bamubikela ukuthi sekuvele umshophi kodwake kwabashaqisa ukuthola impendulo ethi ngeke bangcwabe ePlazini lakhe abayofuna enye indawo lapho bezomngcwaba khona.
UMavundla uthi akagcinanga nje lapho umlungu usebahlome ngencwadi yoMmeli wakhe ebavimbayo impela ukuthi bangcwabe ,futhi useze wakhiya ngisho isango enzela ukuthi bengasakwazi ukungena nokuphuma ePlazini.
Umndeni ucela noba ubani ongabalekelela ukuze bagcine bekwazile ukufihla ithambo labo kuleliPulazi ngoba yilapho kukhona khona ikhaya lawo.

