Amalunga enyunyana yothisha I South African Democratic Teachers Union (SADTU) esikoleni I ML Slatan eMnambithi izolo abambe umkhuleko wokulwisana nesifo somdlavuza webele.
Lomkhuleko ubuhanjelwe nanguMfundisi uPetse webandla iVoice Of Victory elikhona eMnambithi, ilunga lnyunyana SADTU KwaZulu -Natal uPhiwokuhle Ndaba, kanye nabanye abaningi. UPhiwokuhle Ndaba obengomunye sezikhulumi eziqavile, ugqugquzele abesifazane ukuthi bakwejwayele ukuhlolela lesi sifo ngoba siyingozi kakhulu uma sitholakale sekuhambe isikhathi.
uPhiwokuhle ube esenxenxa yonke iminyango kahulumeni nezinhlangano ezehlukahlukene ukuthi zibambisane ukuze kunqotshwe lesi sihlava, “Uma yonke iminyango kahulumeni ingabambisana ukugqugquzela ukuhlolelwa umdlavuza webele, ukhona umehluko ongaba khona emiphakathini. Uphinde wacela izinyunyana ukuthi nazo zibambe iqhaze ukufundiseni imphakathi ngokubaluleka kokuhlolela umdlavuza webele.
Kwenzeka lokhu nje, inyanga kaOctober yinyanga eyaziwa njengenyanga yokuqwashisa ngaso lesi sifo. Ngokwezibalo, bangaphezu kwesigidi abantu besifazane abatholakala ukuthi banomdlavuza webele emhlabeni wonke ngonyaka.