Ucela usizo umfundi owathenjiswa ngumkhandlu uThukela ihistorical debt bursary eyayizomukhokhela isikweletu sakhe esikhungweni semfundo ephakeme kodwa okungazange kwenzeke futhi akasatholi zimpendulo ngakho.
Ngonyaka owedlule ngoFebruary uthi bathola isimemo nabanye abafundi kunomcimbi kumenywe nosaziwayo beyonikwa izincwadi ezaziqinisekisa ukuthola usizo, uthi abanye bakhokhelwa sebaze baya kuma graduation abo kodwa yena akakaze akhokhelwe kuze kube namhlanje.
Lomfundi uzamile ukubuza, egqigqa nasemahhovisi, aphinde afone kodwa kuthiwe akalinde,iPA yagcina seyimunika inombolo yomuntu okuthiwa nguMasoka naye owaqala wathembisa kuthe kusuka akangabe esaphendula qobo,kulonyaka uthi umfundi uphinde wamkhumbuza , uMasoka wathi baphezu kwakho ukukhokha kodwa sekuphela inyanga kungakhokhwanga.
“Ngicela usizo”

