URAMAPHOSA UFUNA KUSUNGULWE ITHIMBA ELIZOPHENYA NGEMVA KOMBIKO WESIKHASHANA WE-MADLANGA COMMISSION


Emva kokufunda umbiko wesikhashana weMadlanga Commission, uMongameli uCyril Ramaphosa usetshele uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambe isikhundla, uSolwazi uFiroz Cachalia, kanye noKhomishana Kazwelonke wamaPhoyisa, uFannie Masemola, ukuthi basungule iSpecial Investigations Task Team ezophenya amacala aqhamuke kulo mbiko.

Le Task Team izobika ngqo kuGeneral Fannie Masemola.

Kubikwa ukuthi abantu okulindeleke ukuthi baphenywe ngenxa yezinsolo zokwenza okungahambi kahle bahlanganisa amalungu eSAPS alandelayo: uMajor General Lesetja Senona, uMajor General Richard Shibiri, uBrigadier Mbangwa Nkhwashu, uBrigadier Rachel Matjeng kanye noSergeant Fannie Nkosi.

Uhulumeni uthe lolu phenyo lubalulekile ekuqinisekiseni ukubusa komthetho, ukubhekana nenkohlakalo nokuthi labo abatholakala benecala babhekane nomthetho.


Uthukela Times All Rights Reserved