UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usumemezele ukuthi uzoqashwa unomphela abasebenzi bezempilo bomphakathi (CHWs) abangaphezu kuka-5 000.
UNgqongqoshe Wezempilo uNomagugu Simelane uthe lesi sinyathelo sibuyisa isithunzi futhi bayalibona iqhaza elibalulekile ama-CHW alidlalile, okuhlanganisa nezinhlekelele ze-HIV/Aids kanye ne-Covid-19, kanye nokulwa nesifo sofuba, umalaleveva, izinselelo zempilo kamama nengane, kanye nezifo ezingelapheki.
Lesi sinqumo silandela umdonsiswano omude wezomthetho obuholwa yiNehawu, ephonsele umnyango inselelo ngokuxhashazwa kwama-CHW. NgoJanuwari nyakenye, iNkantolo Yezabasebenzi yavuna inyunyana, yavula indlela yokuqashwa ngokugcwele. Lokhu kwalandelwa yisivumelwano sikazwelonke esafinyelelwa ngoNovemba 2025.
INehawu isamukele lesi simemezelo, yathi siqeda iminyaka yokuxhashazwa futhi yelula imihlomulo, okuhlanganisa namathemba empesheni, kuma-CHWs

