Isibhedlela esizimele iLenmed Larvena esiseMnambithi osukwini lwayizolo sibe nomcimbi ongumbukiso wokuzithwala kwabesifazane obizwa nge Mertenity Expo.
Kuliqiniso elingephikwe ukuthi iningi labantu besilisa alizihlanganisi nezindaba zokuzithwala kwabantu besifazane, yingakho esikhathini esiningi uthole sebehlukana okudalwa ukungaqondi izinto eziningi ezenzeka ngalesi sikhathi.
Odokotela abahlukene esingabala ama Gynecologist, ama physiotherapist, ama occupational therapist nabanye bachaze ngezigaba ezahlukene zomuntu ozithwele , ushintsho olubakhona kanye nosizo abasuke beludinga kubalingani babo.
Abantu besilisa abebehambele lomcimbi bathole ukuchazelwa kabanzi ngokuzithwala kowesifazane , bakhonjiswa namagumbi ehlukene okubalwa lapho kubelethelwa khona. Bephefumula ngabakufundile bathi bebengakaze bacabange ukuthi kanti abantu besifazane babhekana nezimo ezingaka bafunde lukhulu futhi sebeyakuqonda ukubaluleka kwabo ezimpilweni zabo uma bekulesimo, babe sebedlulisa umyalezo nakulaba abebengayona ingxenye yalomcimbi ukuthi beseke abesifazane ngoba basuke bebadinga kakhulu ngalesi sikhathi.