INJABULO ZINIKELA NGENYUMFOMU YABAFUNDI IZELAMANI ZAKWAMKHIZE EBHEVU HIGH SCHOOL
Kuqhume umkikizo esikoleni iBhevu High school eRosbom eMnambithi ngesikhathi izelamani zakwaMkhize ezingosombabhizinisi ezidume ngelegqilaza online ezinkundleni zokuxhumana zinikela ngenqwaba yenyufomu ezinganeni eziphuma emakhaya angamile kahle.
Lezi zelamani ebezihambisana nenkosi yaKwaMnikathi(yoMkhandlu Wesizwe) kanye noTK Zuma wodumo ezinkundleni zokuxhumana zinikele kulesi sikole namuhla emini kungazelele muntu. Omunye wezelamani uNathi Mkhize uthe, into ebagqugquzele kakhulu ukuthi asukumele phezulu ukusiza lesi sikole wukubona omunye wabafundi baso ephase kahle kakhulu yize noma lesi sikole sisendaweni yasemakhaya, “layikhaya bengizogqugquzela abafundi bakulesi sikole ukuthi njengoba lana kuphume lomfundi ongomunye wabaphase kahle kuleli, nazo lezi ezinye zingakwenza kwenzeke yize noma ziphuma endaweni yasemakhaya,” Kuchaza uMkhize.
ubonge kakhulu ukubambisana nomkhandlu Wesizwe emizameni yabo yokuthuthukisa nokusiza imiphakathi ehlwempu.
Labo somabhizinisi baphinde bathola ithuba lokukhuthaza izingane ezifunda kulesi sikole. Omunye wosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana uTK Zuma ‘Uthisha Wesizwe” utshele abafundi baseBhevu High school ukuthi bengabheki ukuthi baphumaphi kodwa baphokophalele phambili.
isekela likaThishanhloko wakulesi sikole Miss zwane ubonge wanconcoza kwiGqilaza Online ngabakwenzele lesi sikole. Wethembisa ukuthi imiphumela yalesi sikole izoqhubeka ibe mihle nakulonyaka.

