IPHINI LIKANQONGQOSHE WEMfundo Ephakeme Nokuqeqesha, uDkt. Nomusa Dube-Ncube, namuhla uvakashele iMnambithi TVET College, evakashela amakhampasi e-Ezakheni kanye ne-Escort.
Ukuvakasha kwakhe kuqale Ezakheni Campus ngo-09:00 wase edlulela Escort Campus ngo-12:30. Lokhu kuhambela kwakhe kulezi zikhungo bekuhloswe ngakho ukuhlola izimo zokufundisa nokufunda, izinsizakalo zokusekela abafundi, ingqalasizinda kanye nokuphathwa jikelele kwesikhungo.
Ngesikhathi sokuxoxisana nabaphathi bekolishi nabafundi, uDkt. Dube-Ncube uveze ukujabula okukhulu ngesimo sezikhungo kodwa wase eveza ukudumala okukhulu ngemibiko yokuthi abanye abafundi bezikhungo zemfundo ephakeme basebenzisa kabi imali yesibonelelo sika-NSFAS ukuze bathenge utshwala futhi bahlanganyele ekugembuleni ku-inthanethi. Ugcizelele ukuthi uxhaso lwe-NSFAS luhloselwe ukusekela izidingo eziyisisekelo zabafundi, okuhlanganisa indawo yokuhlala, ukudla, ezokuthutha kanye nezinto zokufunda.
IPhini likaNqqongqoshe lixwayise ngokuthi ukusetshenziswa ngokungafanele kosizo lwezezimali kuthunaza impumelelo yabafundi ezifundweni futhi kuphazamisa injongo yokusekelwa nguhulumeni kwabafundi. Unxuse abafundi ukuthi basenze ngokuzimisela futhi wacela ukwesekwa okuqinile okuvela emindenini, emiphakathini kanye nakubaphathi bamakolishi ukuqinisekisa ukuthi izimali ze-NSFAS zisetshenziswa ngendlela efanele.

