I-MK PARTY IFUNGA IYAGOMELA UKUTHI IZOMGUDLUZA UNTULI KWESOBUNDUNANKULU


IQEMBU loMkhonto weSizwe KwaZulu-Natal lithi selikulungele ukuthatha izintambo kuhulumeni wesifundazwe.

USotshwebhu we-MK Party uBonginkosi Mngadi umemezele ukuthi iqembu lizokwethula isiphakamiso esisha sokungaMethembi uNdunankulu uThami Ntuli.

uMngadi uthe i-MK Party iyiqembu elikhulu kunawo wonke esifundazweni futhi ikulungele ukuphatha isabelomali se-KZN sika-R158 billion. Usole uHulumeni okhona njengamanje woBumbano lwezifundazwe, owakhiwe yi-IFP, ANC, DA ne-NFP, ngokuhluleka ukuletha izidingo kubantu nokungazinzi.

UMngadi uthe i-MK Party ilindele ukwesekwa yi-EFF kanye namalungu e-NFP angajabule ukuze asuse umfelandawonye oholwa yi-IFP.


Uthukela Times All Rights Reserved