Kuzoqalwa ukufunda nokufundiswa esikoleni iSahlumbe High School kulandela umbhikisho oqale ngekathi kuvulwa izikole lapho umphakathi ubukhala ngokungabibikho kukaThishanhloko kulesikole isikhathi eside.
Emva komhlangano obe yimpumelelo namuhla lapho bekuhlangene ubuholi bonke baseSahlumbe sibala abasebukhosini, uNdunankulu, izinduna zonke ngaphansi kwabaThembu, uKhansela uMr Zungu, umhloli uNkabinde ngaphansi komnyango wezemfundo, uCaptain wamaphoyisa waseWeenen, oThisha, amalunga eSGB, abazali babafundi base Sahlumbe high school, kanye namalunga omphakathi kube sekuphunywa nesivumelwano.

Kuningi okuxoxiwe kwajulwa ngakho kwabe sekuthathwa nezinqumo eziphusile ezizolekelela isizwe sethu. Ikufunda nokufundisa kuyaqala kusasa eSahlumbe high school. Abaphathi base SHS bayacelwa ukuba umphakathi wazise abantwana ukuba baphelele emagcekeni esikole kusasa.
#uthukelanews

