Iqembu le-ANC namuhla libambe iMini Raly endaweni yaseMnambithi eSteadville. nalapho liqale lenza uhlelo lokungenela umuzi nomuzi( door to door)
Ilunga lalenhlangano likhuluma nabantu likhale kakhulu ngabantu abakopela yonke into eyenziwa yiANC libale izinto zokugqoka kanye nezinhlelo abanazo ezifana nalezi zezintokazi ezinhle lithi laba ababakopelayoke bona sebenze banquma nokuziqasha lezintokazi ukuze bezifanise nabo, libe selicela abantu ukuba bavikele iANC.
UMnu Super Zuma onguNgqongqoshe wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya umcome into ayibone ngenkathi bengena umuzi ngomuzi ukuthi bonke abantu bathi bazovotela uANC waphinde wamukela amalunga evile kwelishumi abuya kwamanye amaqembu athi wona afuna uANC.
UDokotela Joe Phaahla onguNgqongqoshe wezempilo kuleli udlulise umlayezo awuthole kwiNEC othi azise abantu ukuba kulula ukunqoba lolukhetho kuphela nje mabasebenze kanzima ukuqinisekisa ukuthi abantu bavotela iANC.
Kwabebehambele lomcimbi sibala amalunga eANC eMnambithi, uMnu Super Zuma kanye naye uDokotela Phahla.