Isithombe:ZDM
UMeya woMkhandlu Wesifunda saseZululand, uKhansela Michael Khumalo, uhole umkhankaso wokuhlola amaphrojekthi amanzi oLundi.Lolu hambo luqale eMabedlana Water Treatment Works, lapho kuhlolwe khona inqubekelaphambili yamaphrojekthi amanzi kanye nezinselelo ezibhekene nemiphakathi.
UMeya uvakashele nezindawo okubalwa kuzo iMabedlana, oBhokweni, iNjomelwane, iNtabankulu kanye naseNhlohlela.Lolu hambo luhlose ukuqinisekisa ukuthi amaphrojekthi amanzi ayaqhubeka nokuthi ayasiza ekuthuthukiseni ukuhlinzekwa kwamanzi emiphakathini.
UMasipala uthe izindawo ezingakatholi amanzi zizowathola njengoba amaphrojekthi eqhubeka.
