UMongameli Cyril Ramaphosa uthi abesifazane baseNingizimu Afrika akumele baphile ngokwesaba noma ukukhathazeka ngenxa yodlame olubhekiswe kubo.
URamaphosa ukhulume ngalolu daba ngoMsombuluko ngesikhathi ehambele umcimbi wokuqongelela imali we-ANC eWoodmead. Lokhu kube ngokokuqala ngqa ukubonakala kwakhe emphakathini ngemuva kokuthi ebekelwe isikhathi sokuphumula ngenxa yokugula ngemuva kokubuya eNgqungqutheleni yeBRICS eNdiya.
Lezi zinkulumo ziza ngemuva kokubulawa kwabesifazane e-Ekurhuleni, osekuvuse ukukhathazeka ngokuthi kungenzeka kube khona umbulali obulala abantu abaningi. Amaphoyisa athi okwamanje awakakuqinisekisi lokho.
URamaphosa uthe udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo luyinkinga ezweni lonke, yize amacala akamuva egxile kakhulu e-Ekurhuleni.
Uthe uhulumeni ubheka udlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo njengenhlekelele futhi wenza imizamo yokubhekana nalo.
Uphinde wagcizelela ukuthi amadoda kufanele aguqule indlela aziphatha ngayo, kanti iKomidi LoNgqongqoshe elibhekele i-GBVF libuyekeza uhlelo lokubhekana nale nkinga.
