UNgqongqoshe wezokuXhumana namaZwe, uRonald Lamola, ugxeke uhlelo lukaMongameli waseMelika uDonald Trump lokwamukela ama-Afrikaner e-United States, ethi lolu hlelo lubukeka lusekelwe ebuhlangeni.
ULamola ubekhuluma eWashington ngesikhathi ehambele i-African Diaspora Forum, lapho ezama khona ukuxoxa nabenzi bezinqubomgomo baseMelika nokuqinisa ubudlelwano phakathi kwala mazwe womabili.
Lezi zinkulumo ziza ngesikhathi ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neMelika bunokungezwani ngenxa yezinyathelo ezithathwe yi-US ezibhekiswe kwezinye izikhulu zaseNingizimu Afrika.
Umhlaziyi wezobudlelwano bamazwe, uDkt Oscar van Heerden, uthi iNingizimu Afrika inezinketho ezimbalwa ngenxa yamandla omnotho aseMelika. Uthe uhulumeni waseNingizimu Afrika kuzodingeka ubhekane nengcindezi yaseWashington ngesikhathi uqhubeka nokuzama ukuvikela izintshisekelo zezwe.
UVan Heerden uphinde waveza ukuthi izingxabano zihlobene neBRICS kanye nesinyathelo seNingizimu Afrika sokuyisa udaba lwakwa-Israel eNkantolo Yomhlaba Yezobulungiswa.
