Namuhla i-ANC Josiah Gumede Region ihlanganise abazongenela izikhundla zobuWard councellor kanye nama-PR Councillors ohlelweni lokulungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka wezi-2026.
Lolu hlelo lugxile ekuhleleni, ekuxhumaniseni umsebenzi nasekuqinisekiseni ukuthi abazongenela ukhetho bakulungele ukusebenza emiphakathini abazoyimele.
Umyalezo odlulisiwe uthi ukulungiselela ukhetho kufanele kuhambisane nezidingo zesikhathi, kanti ukuhleleka kweqembu kufanele kufinyelele ngqo kubantu nasemphakathini.
Abazongenela ukhetho bagcizelelwe ukuthi ukuba ummeleli womphakathi kuwumthwalo wemfanelo omkhulu odinga ukuzibophezela nokusebenzisana nabantu.
I-ANC Josiah Gumede Region ithi umsebenzi uzoqhubeka kusukela ezingeni lamaWard kuze kufike komasipala, ngenhloso yokwakha imiphakathi engcono ngokubambisana nabantu.
