Uyaqhubeka umsebenzi wokufaka kwepayipi elikhulukazi elisuka eVans Drift Water Treatment libheke edolobheni eNquthu.
UMeya womkhandlu uMzinyathi u Ald Petros Ngubane uhambele indawo yase Nquthu eyokwethula umsebenzi ka Phase 2 wokufakwa kwalelipayipi elizodla u-R60 million.
Umsebenzi kaPhase 1 wokufaka kwepayipi elikhulukazi usuphothuliwe wona wethulwa ngoDecember wangonyaka odlule.
UNgubane uthi uma sekuqediwe ukufakwa kwaleli payipi izobe isinqotshiwe inkinga yamanzi eNquthu.
” Sifake leli elisha ngoba sesikhathele ukuhlushwa yileli elisebenzayo eselilidala eliqhuma njalo. Selizicucu , uma siziba lizogcina lingasaphesheki sibe kwenkulu inkinga. Leli lensimbi esilifaka manje liqinile futhi aliqhumi,” kusho uMeya.
Lesi sigaba sesibili sizohamba ibanga elingu 15km bese kungene isigaba sesithathu esizohamba size sifike edolobheni lase Nquthu.