IKHANSELA LIQALA UHLELO LOKUNIKELA NGOKUDLA EWARD 34


Ikhansela laseWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma, uMzuzwana Nkanyezi Magasela, seliqale ngokusemthethweni uhlelo lokunikela ngamafood parcel emindenini ehluphekayo kule ward. UMagasela uthe lesi sinqumo usithathe ngemuva kokuthinteka kakhulu ngesikhathi sikaKhisimusi, lapho ebona khona imindeni eminingi ingenakudla, ikakhulukazi izingane nabantu abadala. Uthe kwakubuhlungu ukubona abantu bedonsa kanzima ngesikhathi okwakumele kube yisikhathi senjabulo nokuhlanganyela.

Uchaze ukuthi uhlelo lolu luhloselwe ukusiza imindeni esengcupheni yobubha, ikakhulukazi labo abangasebenzi nabondla izingane. UMagasela uthe uhulumeni awusenamandla okwanele okufinyelela kuwo wonke umuntu odinga usizo, yingakho ebone kufanele angenelele njengomholi womphakathi.

Ikhansela seliqale ukuhambela izitolo, osomabhizinisi bendawo kanye nezinhlangano ezizimele, licela ukwesekwa ukuze uhlelo luqhubeke isikhathi eside. Uthe inhloso yakhe enkulu wukuthi nyanga zonke le mindeni ithole igilosa elizobasiza baphile, badle futhi bagcine isithunzi sabo.

Uphinde wanxusa nabanye osomabhizinisi, izinhlangano zomphakathi kanye nabantu abanekhono lokusiza ukuthi babambisane naye, bathuthukise lolu hlelo ukuze lusize abantu abaningi ngangokunokwenzeka. UMagasela uthe ukholo lwakhe wukuthi uma umphakathi usebenzisana, ububha bunganqotshwa kancane kancane.


Uthukela Times All Rights Reserved