Owesifazane waseWinterton kuward 14 ngaphansi kukaMaspala Ukhahlamba, uBuhle Mabaso, ukhala ngosizo njengoba ehlala endlini yodaka esesimweni esibucayi ekhombisa ukuthi ingawa noma yinini. UBuhle uhlala nezingane zakubo eziyisikhombisa endlini enegumbi elilodwa kuphela, ngemuva kokushona kwabazali babo. Uthi impilo abayiphilayo inzima kakhulu, ikakhulukazi ngezikhathi zemvula lapho indlu iba sengozini enkulu.
UBuhle uveze ukuthi useke waya ekhanseleni lendawo ezama ukuthola usizo, kodwa uthi akaze anakwe noma anikwe impendulo ecacile. Uthe lokhu kumshiye edangele futhi engasenathemba.
Manje usecela noma yimuphi umuntu, inhlangano noma osomabhizinisi abanekhono lokusiza, ukuthi bangenelele bamsize athole indawo ephephile yokuhlala nezingane. Uthi usaba ukuthi ngelinye ilanga indlu ingawa izingane zingaphakathi.

