ISHIPHELENE KOMASPALA KUBANGWA U-R80 MILLION WESIKWELETU


UMasipala Wesifunda i-UThukela uthathe izinyathelo eziphuthumayo zokuyisa uMasipala Wendawo i-Inkosi Langalibalele eNkantolo Ephakeme, kulandela izinsongo zokunqamula ugesi ezikhungweni zokuphehla amanzi ezikuloMaspala.

IMeya yasoThukela, iNkosi NB Shabalala, isiyalele iMenenja kaMasipala, uMnu LS Jili, ukuthi anikele enkantolo ukuze kuvikelwe amalungelo omphakathi.

UMasipala uThukela uthi lesi senzo sizobeka izimpilo zabantu engcupheni enkulu, sizothikameza ukusebenza kwezibhedlela, ukusebenza kwezikole, siphazamise amabhizinisi futhi sinqande ukutholakala kwamanzi ahlanzekile kanye nezinsiza zokuhlanzeka. UThukela luthi lokhu kungukwwphula umthetho, kuphambana noMthethosisekelo, futhi akungenasisekelo esiqinile.

UMasipala i-Inkosi Langalibalele ufuna kukhokhwe ngokushesha isikweletu esingaphezu kuka-R80 million, esiqoqeke eminyakeni engaphezu kweyishumi, sikhokhwe zingakapheli izinyanga eziyisithupha. Nakuba lesi sikweletu sesinciphisiwe saya kuma-R50 million ngemuva kokucindezelwa ukuthi kukhokhwe ama-R30 million ngo-Agasti 2025, UThukela luthi ukukhokha lokhu kungawukhubaza ngokuphelele uMaspala.


Uthukela Times All Rights Reserved