Iphephandaba laseSwatini iTimes Of Eswatini lidalule ukuthi amaphoyisa akuleliyazwe abophe abasolwa ababili abebebhace kwelinye lamahhotela eSwatini. Laba basolwa bangabanye abathintekayo ekubulaweni komculi weHipHop wakuleli uKeanan Forbes oDume ngelika-AKA .
Leliphephandaba libuye ladalula ukuthi laba basolwa bathola R133 000 okwkuwuphawini wabo ku-R800 000 owawukhishiwe ukuze uhlukaniswe kwabayisithupha ababeyinxenye yetulo lokubulawa kwalomculi.
Izolo ebsuku amaphoyisa KwaZulu-Natal amemezele ukuboshwa kwabasolwa abayisithupha abamataniswa necala lokubulala umrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane.
Laba badutshulwa babulawa kuFlorida Road ngoFebhuwari nyakenye.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele nezinye izikhulu eziphezulu zamaphoyisa babikele izintatheli eThekwini ngokuqhubekayo, bengeza ngokuthi iziphathimandla zisathungatha umsolwa oyedwa ohlobene naleli cala.
UKhomishana wesiFundazwe uNhlanhla Mkhwanazi uthe, “Bayisithupha sebebonke abasolwa asebeboshiwe futhi banemininingwane mayelana nokubulawa kwalaba ababili uMnuz Kiernan Forbes (AKA) noMnuz Tebello Motsoane, obuye aziwe ngelikaTibz.”
Leli qembu kulindeleke ukuthi livele enkantolo yaseThekwini ngoLwesine.