UMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa,uthi udlame nokubulawa kwabantu besifazane akuyona indaba yabantu besifazane kuphela kodwa yinkinga yomphakathi wakuleli wonkana.
Lokhu ukusho ngesikhathi ethula inkulumo yosuku emgubheni kazwelonke wosuku lwabesifazane ezindlini zombuso ePitoli,uMengameli unxuse abesilisa bonke ukuba bakunqabe ukuhlukumeza abesifazane futhi babambe iqhaza elikhulu ekuvimbeni nasekunqandeni sihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
Umgubho wanamhlanje usho ukuqedwa kweminyaka engamashumi ayisikhombisa kwabanemashi yabesifazane ngo 1956 nokwaba yimashi eyaba ngebalulekile kakhulu ekulweni nemithetho yobandlululo .URmaphosa uthi asikho isizathu sokunukubeza,ukubahlukumenza ,ukubadlwengula noma ukubulala,abesifazane. Wagcizelela ukuba ukuhlukumezwa kwabesifazane nezingane kulicala.
UMengameli uphinde waphakamisa wagcizelela Isidingo sokwenza ngcono izinhlelo zokuthi abesifazne kubelula ukuba bathole izinsiza zezempilo ezisezingeni eliphezulu
