Zishaqise indima yomculo izindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni komculi kaMaskandi odabuka eMsinga, uScebi, owaziwa kakhulu ngeleNkosi Yamagcokama.
Ngokwemibiko, uScebi ushone engozini yemoto ngesikhathi eya eRichards Bay, lapho abelibhekilse emcimbini ohlonipha abesifazane iBasadi Music Festival.
Imibiko ithi bebebane emotweni ngesikhathi kwenzeka lengozi.
UScebi udlule emhlabeni khona lapho endaweni yesigameko, kanti enye insizwa ebikanye naye emotweni nayo ilimele yabe isiphuthunyiswa esibhedlela ukuze ithole ukwelashwa, nolandele imibiko yokuthi nayo isidlulile.
Lezi zindaba zishaqise kakhulu umphakathi kaMaskandi, njengoba kubikwe ukuthi abaculi abaziwayo, okubalwa kubo uNtencane noKhuzani, basukumele phezulu ngesikhathi bezwa ngalesi sigameko.
Ukudlula kukaScebi kushiya abalandeli, umndeni, abangani kanye nozakwabo kwezomculo bekhala ngokulahlekelwa okukhulu.
