Umphakathi wase Bergville e Ndunwana ujabule wahluleka ukuzibamba uMeya wasoThukela ethula ingqala sizinda yamanzi kulendawo.
Namahla iMeya kaMaspala uThukela Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala nobuholi basoThukela kanye nabamele uMaspala wasoKhahlamba bebungaze umsebenzi wokudluliselwa kwamanzi emphakathini waseNdunwane.
Ukhansela waku ward 3 ophinde abe ngusomlomo kaMaspala wasoKhahlamba uMnuz Zamlandela Khumala, uthi usezolala nobuthongo ngoba abantu bewadi lakhe sebezokwazi ukuthola amanzi eduzane, wabonga umeya wasoThukela nomphakathi ngokubambisana kulomsebenzi.
Kanti uMeya womkhandlu inkosi uShabalala ithi bengumkhandlu bayabonga nje ukuthi umphakathi ungaphazamisi uma kusasetshezwa ubekezele yingakho namuhla bedla izithelo zokubekezela kwabo.
Imeya icele yonke imiphakathi ukuthi ibambasane nomkhandlu futhi ibike uma kukhona okungahambi kahle emiphakathini ehlala kuyo ikukhulukazi uma kunenkinga yamanzi.
Kulengqalasizinda yamanzi kuhlomule imizi engamakhulu amahlanu kanti neminye aseduze nalomphakathi kuzobalula ukuthi ufike ezimpopini.