Izolo ngoMsombuloko womhla ka19 kwephezulu, ibhungu elineminyaka engu-22 ubudala elisanda kuboshwa ngecala lokubulala ilungu leNkatha Freedom Party (IFP) livele okokuqala enkantolo kmantshi eMtshezi.
USithembiso Xulu oneminyaka engamashumi Mbili nambili ubhekene necala lokubulala uMnuz Mthokozisi Ngqungqulu Sithole, obeyilungu le-Inkatha Freedom Party futhi obengusihlalo wesikhashana we-IFP esifundeni saseMbabazane. Izihlobo nomndeni zikamufi bezihambele ukuqulwa kwamacala enkantolo, zihlangene nabaholi neqembu i-IFP okubalwa uSomlomo uMnuz Siphiwenkosi Khumalo, iPhini leMeya uMnuz Sithabiso Dladla, iMenenja kaMasipala uMnuz SB Mthembu kanye neMeya uMduduzi Myeza waseNkosi Langalibalele.
USithole wadutshulwa ngomhla ka 27 kuJanuary, wabe esefihlwa ngoLwesihlanu, mhlaka-2 Febhuwari, kulandela inkonzo yomngcwabo ebiseSahlumbe. Amakhulu ngamakhulu amalungu e-IFP azimazisa lenkonzo eyayibanjelwe ezinkundleni zezemidlalo zakhona eSahlumbe.
Ngesikhathi kuqhubeka icala, kutholakale ukuthi Umsolwa uke watholakala enecala ecaleni lokubulala ngo-2019 wase egwetshwa iminyaka eyisithupha kodwa wayidonsela ngaphandle.
Ummangalelwa uzofaka isicelo ngokusemthethweni sokuba nommeli weLegal Aid eNkantolo yeMantshi yaseWeenen ngoLwesihlanu mhla ka-23 February, okwamanje umsolwa uzogcinwa esitokisini.