UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthi uzobiza umhlangano ophuthumayo nezinhlaka zomphakathi waseMatiwane ngodaba lomgwaqo osuhlale iminyaka engaphezu kweyishumi ungakaqedwa.UDuma uthe ulufundile udaba olushicilelwe yi-Uthukela News Times, wabe esecela umbiko ophelele kwizikhulu zomnyango ukuze kutholakale imbangela yokubambezeleka kwalo msebenzi.
Uveze ukuthi noma ngabe kunezinselelo, akufanele iphrojekthi ime isikhathi eside kangaka ngaphandle kwenqubekela phambili. Uthe uzophawula kabanzi uma esethole umbiko ogcwele futhi esezibonele yena mathupha okwenzekayo.
Uphinde wabonga umphakathi waseMatiwane ngokugcina ukuthula nokungabhikishi ngodlame. Uthe uzovakashela le ndawo maduze futhi wathembisa ukuthi ngeke kudlule izinyanga ezintathu engakafiki ukuzoxoxisana nomphakathi.
