UNdunankulu Wesifundazwe saKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uthi sesifikile isikhathi sokuthi kubuyiswe imiholo yezaguga ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ukuze kusimamiswe umnontho wezindawo.
uDube-Ncube ubekhuluma izolo kwingqunguthela eyaziwa ngokuthi yiRebranding The Township Spaza Shop Indaba 2024 ebibanjelwe ethekwini eDurban Exhibition Centre. Lengqungquthela ibihlose ukubuyisa umnotho wasemalokishini kubantu bakuleli ikakhulukazi iziPaza Shop eseziphethwe kakhulu ngabokufika.
uNdunankulu uthi sesifikile isikhathi sokuthi umnotho ubuyiselwe kubantu, “sizozama ngakho konke okusemandleni ukuthi sibe nezingxoxo nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngaloludaba, imiholo ibiletha amathuba amaningi ikakhulukazi kosomabhizinisi abasakhula. Kuyiqiniso ukuthi ukuqedwa kwayo kwaphuca isinkwa imindeni eminingi yasemakhaya nasemalokishini, kodwa isimo sasiphoqa kakhulu.” kuchaza uDube-Ncube.
Uqhube wathi uyazi ukuthi into eyadala ukumiswa kwemiholo emakhaya ukubanjwa inkunzi kwezimoto zemali, kodwa lokhu kungalungiswa,” konke kulele kithi singumphakathi, uma singaqinisekisa ukuthi nakanjani lezi zimoto zizophepha, futhi umphakathi uzosiza abezokuphepha ukuthi kuliwe nalesi sihlava, nakanjani imiholo izobuya emakhaya, kubuye nethemba kubantu.”
uNdunankulu ubuye wagqugquzela abantu abanezitolo abaziqhashisa abokufika ukuthi bazibuyise egameni labo lezo zitolo, bese bezivula kabusha ukuze besimame babuye basimamise nomnotho wendawo.