Bakhathazekile abashayeli bamatekisi baseMatiwane njengoba abagibeli babo sebeqome ukufudukela edolobheni eMnambithi ngexxa yokufika sekudlule iskhathi emsebenzini ngenxa yomgwaqo omubi.
Umgwaqo omkhulu osuka ku N11 udabule endaweni yase Matiwane udlule uye e Lusitenia bese uhlanganise iKwaZulu-Natal nesifundazwe iFree State owubhuqu, yiwo oyimbangela yokuthi abasebenzi abakhele indawo yaseMatiwane bafudukele edolobheni lase Mnambithi ngenxa yokufika sekudlule isikhathi emsebenzini.
Abagibeli bathi ngeke babekezelele ukuxabana nabaqashi ngenxa yomgwaqo oyekwe ngamabomu. Njengoba kungekho noyedwa umholi ocabanga ukubiza umhlangano abachazele ngokuthi kwenzekani ngawo.
Kanti abashayeli bamatekisi bathi kuyihlazo okwenziwa uhulumeni ukuthi umgwaqo omkhulu kangaka kuphele imanyaka eyishumi ungaqedeliwe.
eMatiwane kunaMgwaqo oyitiyela ongaba ngu5 kuya ku 7 wamakhilomitha ongaphelile sekuphele iminyaka elishumi unjalo.
Abamatekisi bathi sekumele bakhokhe u R5 njalo njengoba sekukhona abafana asebevele bathathe amabhakede beyovala izigodi ukuze kuhambeke. Bathi kuyihlazo ukuthi abakwazi ukugcina amakhasimede abo ejabule ngenxa yalo mgwaqo omubi waseMatiwane, Bacela ukuthi ulungiswe logwaqo ngoba nabo sebekhathele ukukhanda izimoto kodwa akekho obacabangelayo.