Amalungu omphakathi waseTsakane eMnambithi ahlangane ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMnambithi namuhla, efuna ubulungiswa ngo-Anele Sikhakhane okusolwa ukuthi wabulawa yisoka lakhe.
Ababhikishi bebezobonakalisa ukungenami kwabo ngesikhathi umsolwa evele enkantolo mayelana naleli cala. Umphakathi ufuna inkantolo yenqabe noma yisiphi isicelo sebheyili, ugcizelela ukuthi umsolwa kufanele ahlale esitokisini kuze kuphothulwe icala.
Abaholi bomphakathi bathi ukubulawa kwabantu besifazane sekuwuhlupho olukhulu emphakathini futhi bafuna umthetho usebenze ngaphandle kokuzwela. Baphinde bathi ukukhululwa komsolwa kungadala ukwesaba emphakathini futhi kuphazamise ubulungiswa.
