UMasipala wase-Alfred Duma, ngokubambisana noMnyango Wezokuphepha Nezimo Eziphuthumayo, i-uThukela Environmental Health and Safety Practitioners kanye nezinye izinhlaka, wenze umkhankaso wokuhlola amabhizinisi e-Uitvaal Business Centre ngoLwesithathu, 29 Julayi 2026.
Inhloso yalolu hlelo bekungukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi athobela imithetho kamasipala, imigomo yezempilo nokuphepha emsebenzini kanye nezindinganiso zenhlanzeko. Kuhlolwe izimo zokusebenza, ukugcinwa kwemikhiqizo, ukuhlanzeka kwezindawo zokuhweba, ukuphepha kukagesi kanye nezimvume zokuhweba.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuhlolwa, umnikazi webhizinisi oyedwa uboshwe ngamaphoyisa e-SAPS ngemuva kokwehluleka ukuveza iphasiphothi esemthethweni. Uphinde wanikezwa inhlawulo ngenxa yezimo zokusebenza ezingagculisi. Kutholakale namanye amabhizinisi angathobelanga imigomo, kwanikezwa izaziso zokuthi alungise amaphutha atholakele ngesikhathi esibekiwe.
UMasipala unxuse abanikazi bamabhizinisi ukuthi baqinisekise ukuthi amabhizinisi abo abhalisiwe, anezimvume ezisemthethweni futhi athobela yonke imithetho yezempilo nokuphepha.
