Inkatha Freedom Party (IFP) oThukela namuhla ibibambe ingqungquthela yosuku olulodwa eHholo ledolobha lase Mnambithi (Ladysmith Town Hall).
Lengqungquthela bekungeyokuphakamisa amagama abantu abazoya kwisishayamthetho sesifundazwe sakwaZulu Natal kanye nasephalamende likazwelonke ngemva kokhetholo oluzayo.
Uhlu lwamagama lumenyezelwe usihlalo we IFP eMnambithi uMnuz Mlamuli Hlatshwayo.
Kuloluhlu lwabantu abaya kwisishaya mthetho kubonakale kugqama kakhulu izishoshovu zeqembu eMnambithi uMnuz Thulasizwe “Thulas” Khumalo kanye noMbongiseni “Majaivane” Thabade.
Kanti ophinde wabuya ohlwini lwabaya kwisishaya mthetho uMnuz Otto Kunene njengengwevu yeNkhatha yase Mnambithi .
Kantio kwisishaya mthetho sikazwelonke iphinde yabuya enye futhi ingqalabutho yaseMnambithi ohlwini uMnuz Nhlanhla Hadebe obengekho eNgqungqutheleni namuhla.
Uhlu lwamagama abase Mnambithi ahambe kanje:
Amalunga esishayamthetho sakwaZulu Natal (MPLs)
Otto Kunene
Mbongiseni “Majaivane “Thathethe
Thulasizwe “Thula’s “Khumalo
Amalunga esishayathetho sikazwe lonke (MPs)
Nhlanhla hadebe
Lucky madonsela
Sphamandla Mnguni
Kwenzani Mdladla-Gamede
Wonke amalunga eqembu aphumelele engqungqutheleni evumelane ngo elethu ngokuqokwa kwalamalungu.