Elakuleli lizothola ugqozi ngokunqoba kwalo kwiMorocco ku-Africa Cup of Nations (AFCON) Last 16 lapho selidudulana neNigeria kowandulela owamanqamu namuhla, kusho umqeqeshi uHugo Broos ngobusuku bangaphambi komdlalo.
Elakuleli liqumbe phansi i-Morocco ngo 2-0 nokwayikhipha emqhudelwaneni e-Ivory Coast futhi elakuleli linomuzwa wokuthi ukuzethemba okuzuzwe kulowo mphumela kungabasiza njengoba befuna ukuqongelela umfutho.

“Kumele ngikusho ukuthi sijabule kakhulu futhi sizimisele ngokudlala kowandulela owamanqamu namuhla. Ngicabanga ukuthi kubantu abaningi bekungalindelekile kodwa sikwenzile futhi lokho kusho ukuthi iNingizimu Afrika isiyiqembu elihle,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba ngoLwesibili.
“Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-20 iNingizimu Afrika yagcina ukudlala kowandulela owamanqamu futhi isikhathi eside kusukela sagcina ukudlala kowamanqamu, ngakho sinogqozi olukhulu ngale semi final futhi sifuna ukuphinde sidlale kowamanqamu ngeSonto. Sidlala neqembu elihle kakhulu kusasa, elinabadlali bonke abadlala phesheya. Yisimo esifanayo nangesikhathi sihlangana neMorocco, nayo eyayineqembu elihle kakhulu elinabadlali abazinze e-Europe emaqenjini amakhulu. Ungayiqhathanisa le midlalo emibili futhi ngicabanga ukuthi kubantu abaningi, iNigeria iyona ehamba phambili ngokuwina umdlalo kodwa njengoba nazi ebholeni akuhlali kuyintandokazi ewinayo.”
Lomqeqeshi oneminyaka engu-71 ubudala uncome ugqozi lwabadlali bakhe, cishe abadlalela ekhaya kuphela nabangakaze bangenelwe lutho emidlalweni emine edlule.
“Bengilokhu ngibethemba laba badlali, nalapho eNingizimu Afrika bekunemibuzo eminingi ngabo. Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi ukwazi ukusebenza isikhathi eside nabadlali abafanayo,” kwengeza uBroos.
Lo mdlali owake wadlala eBelgium, owaqeqesha iCameroon yanqoba isicoco esingalindelekile ngo-2017, wayeke waphakamisa ukuthi ucabanga ukuthatha umhlalaphansi kodwa ngoLwesibili wahlehla.
“Uma nje izinto zisahamba ngendlela okwenzeka ngayo manje, ngiyekeleni? Ngiyawuthanda umsebenzi wami, ngithanda ibhola ngakho sizobona ukuthi ikusasa lizothini,” usho kanje.
“Kodwa ngicabanga ukuthi kujwayelekile ukuthi ngemuva kokusebenza iminyaka engu-36 njengomqeqeshi kanye neminyaka engu-18 njengomdlali webhola okhokhelwayo, kancane kancane uqale ukucabanga ngokuphela komsebenzi wakho, kodwa akukho okungaphezu kwalokho.”