UMasipala wase-Alfred Duma ngokubambisana namaphoyisa kanye nenhlangano iMarch and March, namuhla uqhubeke nomkhankaso wokuvulela abahwebi bakwamanye amazwe izitolo zabo ukuze bakwazi ukuthatha impahla yabo ngaphakathi.
Lo mkhankaso ubuhlose ukuqinisekisa ukuthi abanikazi bezitolo bathola ithuba lokuqoqa impahla yabo ngendlela ehlelekile nangaphansi kwezimo eziphephile.IKhansela leWadi 20, u-Abbas Warasally, lihole lo mkhankaso lihambisana namaphoyisa ukuze kuqinisekiswe ukuthi zonke izitolo ziyavulwa futhi abathintekayo bayakwazi ukungena bathathe impahla yabo ngaphandle kwezinkinga.

Abahwebi banikezwe kuze kube ihora leshumi nambili emini (12:00) namuhla ukuthi babe sebeqedile ukuqoqa impahla yabo.Kuvele nokuthi kwezinye izitolo abanikazi bazo abakaze batholakale njengoba kuthiwa babalekile, okudale ukuthi uMasipala ushintshe okhiye balezo zitolo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwezakhiwo kanye nempahla esele ngaphakathi.
Iziphathimandla zithi lolu hlelo lwenziwe ngenhloso yokugcina ukuthula, ukuhleleka nokuphepha emphakathini njengoba kuqhubeka izingxoxo ngezindaba ezithinta ukuhambisana nemithetho kanye nokusebenza kwamabhizinisi endaweni.
