Bekuyinjabulo enkulu izolo ngesikhathi i-IFP ivula ngokusemthethweni ikhaya elisha likaGogo Mbatha waseWard 7 ngaphansi kukaMasipala waseNkosi Langalibalele.
Leli khaya elakhiwe kusukela phansi linezindlu zokulala ezimbili, ikhishi nesalon elivulekile (open plan), futhi lifakwe yonke impahla yasendlini ukuze uGogo Mbatha akwazi ukungena ahlale ngokunethezeka kusukela ngosuku lokuqala.
Lolu hlelo lwenziwe ngenhloso yokuthuthukisa impilo kaGogo Mbatha obekade ehlala endlini endala, egugile futhi engasaphephile ukuhlala kuyo. Umphakathi namalungu omndeni wakhe baveze injabulo enkulu ngesikhathi benikezwa le ndlu, bethi kuyisenzo esikhombisa ukuthi ukubambisana kungaguqula izimpilo zabantu ngendlela ehlala isikhathi eside.

Ekhuluma emcimbini, uGogo Mbatha uthe wayengakaze acabange ukuthi uzophinde abe nekhaya elihle kangaka. Ubonge bonke ababambe iqhaza kulolu hlelo ngokumbuyisela ithemba nesithunzi.
UMeya kaMaspala Inkosi Langalibalele umhlonishwa Mduduzi Myeza uphinde wagcizelela ukuzibophezela kwakhe ekuqhubekiseni izinhlelo ezithuthukisa impilo yabantu, ikakhulukazi asebekhulile nabaswele, ethi injabulo ebonakale ngesikhathi kuvulwa leli khaya iyisikhuthazo sokuqhubeka nokwakha imiphakathi engcono.
