Umphakathi waseNumber 4 KwaHlathi, eZihlabathini naseTop City eMnambithi uthi usuphila ngaphansi kwezimo ezinzima ngenxa yokuntuleka kwamanzi ahlanzekile.
Izakhamuzi zikhala ngokuthi ziphoqeleka ukuphuza amanzi asetshenziswa yizinkomo neminye imfuyo, njengoba zingasenayo enye indlela yokuthola amanzi okuphuza.
Ngokusho kwamalungu omphakathi, sekunesikhathi eside bebhekene nale nkinga kodwa akukho zinguquko ezibonakalayo, okusenze bazijwayeza ukuphila ngaphansi kwalesi simo.
Bathi bazizwa bedikibele futhi sebephelelwe ithemba lokuthi bazoke bathole usizo, besola uMasipala wesiFunda uThukela ngokungazimiseli ukulungisa inkinga yokuhlinzekwa kwamanzi.
Umphakathi uthi ukungabi bikho kwamanzi ahlanzekile kubeka impilo yabo engcupheni, futhi unxusa iziphathimandla ukuthi ziphuthume zithole isixazululo esizoletha amanzi aphephile kubahlali bale ndawo.
