angisiyona lenhlobo okudingeka ngize ngiyilalele kaningi i-Album yomculo ukuze ngizwe ukuthi ngabe ishaya khona yini noma cha, kodwa lena entsha sha kaMenzi ngizibone sengibuyela kaningi ngiyilalela. Hhayi ngoba bengingayizwa kahle, kodwa ngoba zonke izingoma ezikule-Album zimnandi futhi ziyaphindeka.
UMenzi usanda kukhipha i-Album esihloko sithi, Ezohlala Nawe. Kumele ngikubeke kucace ukuthi uMenzi uyinkunzimalanga ekubhaleni izingoma ezikhuluma ngqo nabantu.

Siqale nje sibuka ikhava yale-Album yehluke kakhulu kumakhava amacwecwe kaMenzi edlule. Ngokwejwayelekile, ikhava yama-Album akhe avamise ukuveza uhlangothi lokuba ngusomahlaya kwakhe, kuyaye kube yizithombe ongajwayele ukuzibona kumakhava kaMaskandi. Nalokhu uphinde futhi wenza okwehlukile kunokwejwayelekile, esikhundleni sokuthi kube nguyena osesithombeni kuvela ezinye nje izinsizwa engicabanga ukuthi ngamagidangoma akhe. Lokhu akuvamile kuloMaskandi wamanje lapho abaculi beziqhakambisa bona.
Kubukeka engathi uMenzi uthathe isikhathi sakhe ehlanganisa leli cwecwe. Ubona nangabanye abaculi bakaMaskandi abapikile. Uyabona ukuthi ubengapiki nje noma ngubani ngoba ekhona ngaleso sikhathi kodwa ubefuna abantu abazomnika unqambothi lwesithako ezingomeni zakhe. Ulande abaculi abafana noShenge Wasehlalankosi, Inkosi Yamagcokama, uJaiva Zimninke, noMdumazi.
Le-Album noma imnandi yonke kodwa zine izingoma ezingenze ngazibona ukuyi hhiya, sengiyibhinca impela. Ingoma yokuqala ephinde ibe yisihloko se-Album ethi Azohlala Nawe, ngenye yezingoma ezihamba kakhulu ezinkundleni zokuxhumana futhi ifanele ngempela ukuba yisihloko sayo le-Album, ayizibeki uthanda ungathandi.
Bese kuba yilena ethi Kushoda Obaba ahambisana kuyo noJaiva kanye noShenge. Lena ke ingunombolo -4, thina esingasenabazali isenza sibe nosizi isikhumbuze ukubaluleka kwabazali. isitayela sikaShenge sokumemeza kamnandi iyenza ibe lula ezindlebeni, kanti izwi elizinzile nelipholile likaJaiva liyenza ijule ngokwanele ukukhipha unyembezi endodeni.
Ingoma engunombolo – 5 ethi Ama-Ice izocasula izincelebane ezithanda ukupepenyeka nezigwili namalunda. Lenake ikhuluma ngesikubona nsukuzonke ngezimpelasonto ebumnandini lapho ubona khona amanye amadoda ekhothamela amanye ngoba enemali. Ikhona ke nezothandwa kakhulu ngabesifazane ethi Izinkinga Zami, imnandi impela nayo kodwa kithi maqonqela ayehli kahle. Abesifazane bazoyithanda kakhulu mangibheka nje, mhlawumbe namashalenji kaTik Tok azoyifanela le kakhulu.
Ngeke ngiziqede zonke lezi zingoma uzozizwela nawe, zimnandi zonke. Kukhona ethi Akunamalunda, uma ulalelisa kahle uzomuzwa ukuthi uyagadla umenzi kulengoma, ukuthi kubanike, ofuna ukusigqoka isicathulo sizomenela.
I-Album isiyonke ihlanganiswe kahle, izinsimbi zisendaweni yazo, kanti namazwi angena kahle wonke. Onjiniyela nabo kufuneka sibancome. muhle kakhulu umsenbenzi!

