AMAPHOYISE ATHE ANGEKE APHUMULE ENGABATHOLI ABABULALE AMAPHOYSA AMABILI


KWAMASHU – UMajor General Nosipho Madondo woPhiko lweCrime Intelligence kanye noMajor General Dr Siyanda Ngcobo, oyiPhini likaKhomishana waKwaZulu-Natal kwezokuSekela Imisebenzi, bahole ithimba lamaphoyisa emngcwabeni kaSajini Mandla Khuzwayo obubanjelwe eDr JL Dube High School, KwaMashu.

USgt Khuzwayo noCaptain Cornelius Nel badutshulwa ngesikhathi behlaselwa ngabantu abangaziwa eMount Edgecombe.

USgt Khuzwayo noCaptain Cornelius Nel badutshulwa ngesikhathi behlaselwa ngabantu abangaziwa eMount Edgecombe. Kuthiwa abasolwa basebenzise izikhali ezinamandla badubula kaningi kulaba bobabili. UCaptain Nel washonela endaweni yesigameko, kwathi uSgt Khuzwayo, oneminyaka engu-39 ubudala, waphuthunyiswa esibhedlela ngendiza kodwa washona ngemuva kokulwa nokulimala kwakhe cishe inyanga yonke.

UMajor General Madondo uthe uKhuzwayo ubeyingxenye ebalulekile yemizamo yokulwa nobugebengu obuhleliwe futhi kuyadabukisa ukuthi ugcine ebulawe yilobo bugebengu ayelwa nabo.

“Uphenyo selusezingeni eliphezulu futhi ngeke siphumule kuze kube yilapho ababulali bakhe beboshwa futhi belethwa phambi kobulungiswa,” kusho yena.

USgt Khuzwayo ubekwe endaweni yakhe yokugcina e-Amatikwe, eNanda.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved