UMasipala wesifunda uThukela uthole ukuhlonishwa yi-Durban University of Technology ngesikhathi kunomcimbi wemiklomelo obubanjelwe eCoastlands Musgrave Hotel eThekwini ngoLwesihlanu, mhla zingama-22 kuNhlaba 2026.
Lo mcimbi we-Employers’ Awards Ceremony ubuhlelwe yiDUT ngenhloso yokuhlonipha izinhlangano, abaqashi kanye nababambisene nesikhungo ekuthuthukiseni abafundi ngezinhlelo zeCo-operative Education.
UMnyango wezeMpilo kaMasipala wesifunda uThukela uqokwe waphinde wathola umklomelo ngenxa yokuzinikela kwawo ekuhlinzekeni ngamathuba e-Work-Integrated Learning (WIL) kubafundi abafundela iziqu zeBachelor of Science kwi-Environmental Health.
Lolu hlelo lokuqeqeshwa luyimfuneko ye-Health Professions Council of South Africa (HPCSA), futhi luphoqelekile kubo bonke abafundi abafundela i-Environmental Health. Abafundi bachitha izinsuku eziyi-100 ngaphakathi kumasipala bethola ulwazi oluqondene nemisebenzi yezempilo kamasipala.
Ngaphansi kokuqondiswa ngochwepheshe be-Environmental Health, abafundi benza ukuhlolwa kwezindawo futhi bathole amava asebenzayo okubasiza ukusebenzisa ulwazi lwabo lwezifundo empilweni yangempela.
Emcimbini bekukhona iSenior Manager yoMnyango wezeMpilo kaMasipala, uNkk G.P.P. Mazibuko, kanye noManager uNkk G.P. Gwala, ababonge ngokuhlonishwa abakutholile.
UNkk Mazibuko uthe lo mklomelo ukhombisa ukuthi ukusebenza kanzima kuyathela izithelo futhi ugqamisa ukubaluleka kokubambisana phakathi kwezinhlaka ezahlukene ekuqiniseni ukuhlinzekwa kwezinsiza zezempilo emphakathini.
UMasipala wesifunda uThukela uthe uzoqhubeka nokweseka ukuthuthukiswa kwabafundi kanye nokwakha ubudlelwano obuzosiza ukukhulisa amakhono nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezinsiza emphakathini.

