BACOTSHELELWE NGOLWAZI YIMINYANGO EHLUKENE KAHULUMENI KUWARD 06 EMFOLOZI


Umphakathi waseMzingazi kuward 6 ngaphansi kukaMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhasela uXolani Bhengu,uthole ithuba lokuxhumana neminyango kaHulumeni eyehlukene, emcimbini wePublic Education.

Kulomcimbi bekucobelelwa umphakathi ngolwazi ngosomqulu womthethosisekelo oqukethe amalungelo abantu nokugujwa iminyaka engu-30 washicilelwa.

Lomcimbi buhlelwe umnyango wakwaGcis uhanjelwe iminyango ehlukene kaHulumeni,izinhlangano zomphakathi kanye umnyango obhekelele abantu abasha kumasipala waseKing Cetshwayo nakuMasipala Umfolozi.

Inhloso yalomcimbi bekungusondeza ulwazi kanye nezinsiza eduze kubantu. IMeya uBhengu ibonge abakwa-GCIS ngalolu hlelo lokusondeza iminyango eyehlukene emphakathini kanye nokuzobaqwashisa ngamalungelo abo. Uveze ukuthi njengoba abantu benamalungelo kubalulekile ukuhlonipha abanye wabalula ukuthi uhulumeni nawo unomsebenzi wokuletha izidingo ezingamalungelo omphakathi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved