UMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo,oholwa uNgqongqoshe uMfu. Musa Zondi, ubeyingxenye yosuku lwe Flea Market ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo eMzisho ngempelasonto
IMsinga Flea Market imakethe yokuhweba nokukhangiswa kwemikhiqizo yosomabhizinisi abasebancane. Loluhlelo luphinde laqhakambisa imisebenzi eminingi yezandla eyenziwa ngosomabhizinisi abakhele uMkhandlu waseMsinga. Kulaba kubalwa abadayisi bemvunulo, abenzi bobuhlalu kanye nemakhambi okwelapha.
Ungqongqoshe uthe uhulumeni uyafisa ukuthi izinhlelo ezifana nalezi zisabalale esfundazweni sakwaZulu-Natal sonke,ukuze abantu bakhombise ukuthi bayasebenza futhi amakhono abo ayabonakala kungasisa ekutheni kunthuthuke umnotho ezindaweni zasemakhaya.
Kanti Meya wase Msinga uDr FJ sikhakhane uthe
“Indawo yaseMsinga yindawo esawagcina amasiko ethu, kodwa futhi siyakwazi ukudlulisa ulwazi olusha. Siyakwazi ukusungula izinto ezintsha futhi leli yithuba okumele lisetshenziswe.”

