UMnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esfundazweni sakwaZulu-Natal oholwa UNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi usuthathe isinyathelo sokufaka uMasipala waseMpendle ngaphansi kwesandla somlawuli ngokwesigaba 139(1)(b) womthethosisekelo .
Osukwini lwanamhlanje zingu-25 Nhlaba 2026 inhloko yomnyango uMnu Scelo Duma ube nomhlangano namakhansela aloMasipala,izinyunyana kanye nezikhulu ngenhloso yokwethula uMnu Sthembiso Mthembu okunguyena ogqokwe njengomlawuli kuwona loMasipala.
Ukungenelela koMnyango wezokubusa ngokubambisana kulandela usinqumo esathathawa isigungu esiphezulu sesifundazwe ngomhlaka 18 kuNhlaba lapho isigungu saquma ukuthi loMasipala ufakwe ngaphansi kwesandla somlawuli kulandela ukuthi uMasipala wehlulekile ukufeza izibopho zawo,okubalwa kokunye ukwehluleka ukukhetha iMeya ukuze ube nozinzo kulomkhandlu nokunye okuthinta ukulawulwa kwezimali .
UMnu Mthembu kulindeleke ukuthi aqhamuke namasu azokwazi ukusiza lomasipala.

