AMAPHOYISA aseFree State asenxuse abazali ukuthi baqaphe ngeso lokhozi izindawo zokuhlala zabafundi ezingombombayi nezikhungo zemfundo ephakeme njengoba kusondela unyaka omusha wokufunda.
“Sinxusa abazali ukuthi baqaphele izindawo zokuhlala mbumbulu ezitholakala ngocingo nange-internet kuphela. Kukhona nezikhungo zemfundo ephakeme ezikhona ngamagama kuphela futhi azinawo amakhampasi namakilasi. Abazali akufanele bafake imali kunoma iyiphi i-akhawunti ngaphambi kokuthi bavakashele isikhungo noma indawo yokuhlala,” kusho okhulumela amaphoyisa aseFree State uMahlomola Kareli.
Kulindeleke ukuthi iningi labafundi basoThukela bathutheleke ngobuningi babo esifundazweni saseFree State ngenhloso yokuyothola izikhala eNyuvesi i-University Of Free State. Uzokhumbula ukuthi lokhu kuvamise ukwezeka minyaka yonke kwazise lenyuvesi yiyona esondelene kakhulu nezindawo ezakhele lesi sifunda uma uqhathanisa namanye amaNyuvesi.
UKareli uqhube wathi lezi zinyathelo zokuphepha zingavimbela abazali ukuthi bangabi yizisulu zemikhonyovu, njengoba kwenzekile esifundazweni eminyakeni edlule. Uphinde wagqugquzela abazali ukuthi bathinte uMnyango wezeMfundo ePhakeme nokuqeqesha ukuze uqinisekise ukuthi noma yiziphi izikhungo zemfundo ephakeme zisemthethweni.