BAKHALA NGOKULOVA KOTHISHA ABAFUNDI BASEMNAMBITHI TVET COLLEGE


Abafundi base-Mnambithi TVET College ekhampasini esedolobheni babambe umbhikisho besuka kuSettlers Drive baya emahhovisi ekolishi akuMurchison Street, lapho bebehambisa khona imemorandamu equkethe izikhalo zabo.

Abafundi bathi babhekene nezinkinga eziningi eziphazamisa ukufunda nekusasa labo. Phakathi kwezikhalo ezikulosomqulu kubalwa ukunganikwa amathuba e-inservice training, okuyinto abathi ibenza kube nzima ukuthola ulwazi lomsebenzi oludingekayo ukuze baqasheke.

Amaphoyisa ebeqaphe ngeso lokhozi abafundi baseManmbithi TVET College abebebhikisha

Baphinde bakhala ngezindawo zokufundela abathi azikho esimeni esihle, kanye nothisha okusolwa ukuthi abavamile ukuya emakilasini.

Enye yezinkinga ezivezwe kakhulu ukubanjwa kwezitifiketi. Abafundi bathi abanye sebehlale iminyaka efinyelela kwemithathu bengakazitholi izitifiketi zabo, okuyinto abathi ibavimbela ukuthi bafune umsebenzi noma baqhubeke nezifundo zabo.

Abafundi bathi bafuna abaphathi bekolishi bathathe izinyathelo ngokushesha ukulungisa lezi zinkinga.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved