Iqembu le-uMkhonto weSizwe Party seliveze ukukhathazeka ngokuqokwa kuka Aubrey Ledwaba njengoMengameli weNkantolo eNkulu yaseGauteng nguMengameli Cyril Ramaphosa.
Esitatimendeni esikhishwe iqembu ngoLwesine, iMK Party ithe lokhu kuqokwa kuphakamisa imibuzo ngobuqotho bezobulungiswa kanye nokwethembeka kohlelo lwezinkantolo ngaphansi kobuholi bukaRamaphosa.
Iqembu lithe abantu baseNingizimu Afrika abasakwazi ukunganaki izinsolo ezake zavela ngaphansi kweKhomishini kaMadlanga, lapho kuthiwa uJudge Ledwaba wasolwa ngokuthola isifumbathiso ukuze athonye izinqumo zezinkantolo. Iqembu lithi lezi zinsolo zafakwa phambi kwekhomishini ngaphansi kwesifungo, kodwa azikaze ziphenywe ngokuphelele.
I-MK Party iphinde yathi iyakhathazeka ngezinsolo zokuthi Mandisa Maya wake wacela uLedwaba ukuthi ame eceleni kuze kuphothulwe lezi zindaba, kodwa yena wakwenqaba lokho.
Iqembu liphinde lagxeka iqiniso lokuthi ukuqokwa kwenziwe nguRamaphosa yena uqobo, kanti kukhona izinqumo zangaphambilini ezihlobene nama-CR17 bank statements lapho igama likaLedwaba lake lavela khona.
Ngokusho kweMK Party, lokhu kuthumela umlayezo oyingozi wokuthi izinsolo zenkohlakalo nokungaziphathi kahle aziseyona into evimba abantu ukuthi banyuselwe ezikhundleni ezinkulu ngaphakathi kohlelo lwezobulungiswa.
Iqembu lithi izinkantolo kufanele zingagcini ngokuzimela kuphela, kodwa kufanele futhi zibukeke zizimele emehlweni omphakathi ukuze kugcinwe ukwethenjwa kohlelo lwezobulungiswa.


Kunzima