UMPHAKATHI WAKWASHANGELA UTHI USUKHATHELE UKUPHUZA AMANZI EMAXHAPHOZINI NEZINKOMO


Umphakathi wakwaShangela eMnambithi uthi usukhathale ukuphila ngaphandle kwamanzi ahlanzekile njengoba sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-20 bengawatholi amanzi ahambayo.

Abahlali bathi baphoqeleka ukuphuza amanzi asemxhaphozini kanye nezinkomo zabo ngenxa yokungabi bikho kwamanzi kulendawo.

Umphakathi uthi sekunesikhathi eside ucela usizo kodwa akukho ushintsho olwenzekayo. Bathi lesi simo senza impilo ibe nzima kakhulu kubantu abadala, izingane kanye nezilwane.

Bathi bafuna uhulumeni kanye nabaholi bendawo bangenelele ngokushesha ukuze kutholakale umthombo wamanzi osebenza kahle futhi oletha amanzi ahlanzekile emphakathini.

Abahlali bakhala ngokuthi sebevotile kodwa izinkinga zabo azixazululwa, kanti besaba ukuthi ukusebenzisa amanzi angcolile kungagcina kudale ukuqubuka kwezifo emphakathini.

Bacele ukunakwa nguMasipala uThukela kanye noMasipala wase-Alfred Duma ukuze kutholakale isixazululo ngokushesha.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved