Sekuvele izinsolo zokuthi amaqembu adayisa izidakamizwa asebenza eMgungundlovu asebenzisa abantu abakhubazekile ukuthutha nokudayisa izidakamizwa ezindaweni ezifana nase-Edendale nase-Ashdown.
Abaholi bomphakathi bathi laba bantu abasengozini bayakhohliswa futhi basebenziswe “njengezihlangu” ukuze izigebengu zingabanjwa kalula ngamaphoyisa noma zisolwe emphakathini.
I-Community Policing Forum (CPF) yase-Edendale ithi seyithole imibiko eminingi evela emphakathini mayelana nalolu daba. Ilungu le-CPF lithi ukuhweba ngezidakamizwa sekudlangile futhi izigebengu zikhetha abantu abakhubazekile ngoba abasolwa kalula.
Umxhumanisi wenhlangano yabantu abakhubazekile iWind Runners, uNtuthuko Khumalo, uthi abanye abantu abakhubazekile bayasetshenziswa ikakhulukazi labo abathembele kwabanye ukuze basizwe nsuku zonke.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu abakhubazekile bangavumi ukusetshenziswa ezigebengwini kodwa bagxile ekuzithuthukiseni.
Amaphoyisa aseMgungundlovu athi awakakatholi amacala asemthethweni ngalolu daba, kodwa anxuse umphakathi ukuthi ubike noma yiluphi ulwazi olungasiza ophenyweni.
Usihlalo we-CPF KwaZulu-Natal, uSiyanda Biyela, uthi lokhu akugcini nje ePietermaritzburg kuphela kodwa kuyenzeka nasezinye izingxenye zezwe. Uthe labo abasebenzisa abantu abakhubazekile kufanele baboshwe.
Isikhulu seMpophomeni Gender and Paralegal Office, uLindiwe Mfeka, sichaze lokhu njengokwephulwa kwamalungelo abantu futhi sathi labo abatholakala benza lokhu kufanele babhekane nomthetho ngokushesha.

